28/01/2025
Impi yase Sandlwana
Nina bakaDlothovu kabhekeki ufana nemsebe yelanga. Ngiyakhuleka beNgoni bansondo.
IMPI YASE SANDLWANA
Ake siyixoxe nge (version) ehlukile lapho kuvela khona amalungiselelo ayo kanye nokuhlelwa kwayo
ISandlwana lena evele emfanekisweni njengoba ubona iNtatshana ethe klwi ubude ezishaya sandlwana.
Amabutho iNkosi uCetshwayo eyalwa ngawo lempi kwabe kungawekhethelo
UNdi
Indluyengwe
UDlokwe
UGqikazi
UDududu
ISangqu
UKhandampevu
UVe
UMXhapho
INdlondlo
UMbonambi
UMthuyisazwe
INgobamakhosi
UNokhenke
Cishe niyolungisa kwengiwashiyile nalapho ngenze khona iphutha
Kuthiwa lamabutho esewonke abe engaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amabili ubuningi
Kuthiwa wathi lapho eseyixoxa UMehlokazulu kaSihayo kwasengathi kade ilwa izolo
Uthi " Ngobusuku obungaphambi kosuku esahlasela ngalo sabe silele esigodini esisezansi kweNquthu iNtatshana.
LeNtatshana yenile kakhulu futhi inamatshe amancane kasiyibonanga impi ka Lord Chelmsford iphuma ekamu ngovivi lwangangomuso, kodwa iyona eyabelungu eyasihlasela kuqala.
Yayingamaviyo amathathu agibele iZinjomane amabutho amhlophe namnyama. EyakwaZulu yayilele khona lapho esigodini kodwa iButho uMcijo lavela ezansi kweNtaba iNquthu.
Amabutho amaNgisi ayegibele izinjomane alibona leli Butho aqonda kulo engayiboni impi lena elele uyaca phansi.
Athe lapho ethi ayadubula amabutho amhlophe , yavuka impi enkulu lena yakwaZulu eyayilele phansi lapho izwa kuduma izibhamu.
Impi yabelungu yayisabheke amabutho amabutho lawo uMcijo. Ngibona ukuthi eyakwaZulu lapha belu yatshengisa obukhulu ubuhlakane ngoba ngoba uyabelungu yabe ingazelele neze ukuthi kungase kube khona enye impi engako.
Athe ethuka yayisondela, ahlehla amabutho amangisi lapha ebona ukuthi iningi ekaZulu.
Ibutho uKhandampevu lwabadabula, kuthe ukuba lubone uKhandampevu ukuthi ayahlehla amangisi wabiza uMcijo abalandela.
Ahlehla njalo amabutho amangisi yabe eyakwaZulu ibekile lapho emuva,kwaba sengathi siwumfula ungenisa ngoba siqhubeka nje sengathi silokhu sanda njalo.
Kukhona igqumana elinomvana elibhekene nentaba iSandlwana, liyabonakala lapho usekamu lamangisi. Kulapho ke iNgobamakhosi yahlangana namaviyo amabibi lawa amangisi thina sasisegqumeni sibheke phansi.
INgobamakhosi noVe abahlasela ngalapho, amangisi ayemane ephenduka esidubula sabe siya phambili sibalandela.
Kodwa ngalena kwaleli gquma kunesiwa afike angena kuso amabutho amangisi aseyphenduka esidubula.
Namahhashi awo angena phakathi lapho odongeni, thina siwabona emane evelanje ngezigqoko zawo.
Avimbanisa lapho ngezinhlamvu saze sahlehla isibili. Simane silala sivuka, abase Edendale abamnyama ababesiza amangisi nabo babekulo loludonga kodwa kasibelamela abesuthu.
Ngayo yonke le nkathi izimpondo zempi yakwaZulu zabe sezigaqa zikhwela iSandlwana ezinye sezenabela ngaseZibukweni lika Jimu. AmaNgisi ayesasodongweni ayedubula isifuba salempi.
Kuthe lapho izinhlamvu sezivutha umlilo impela sahlehla ngasophikweni langakwesokhohlo siqonde ngaseZibukweni likaJimu.
Asiyeka ke amangisi, athe lapho esibona sihlehla abuyela emumva ekamu lawo enqena ukuthi singase silihlasele kungekho muntu kulo. Amabutho ayephume onke eKamu ephume ngezigaba zawo ezosihlasela kodwa athe lapho esengenile ekamu asidubula kwakubi impela.
Kwaba yisikhathi eside impela siphathene ngaphambi kokuba siwabhuqe. Kuthe lapho sekuphele izinhlamvu zesibhamu ahlangana ngamahlombe ema umudwa athi ngci, akhipha imimese alwa ngayo.
Ngaphandle laphaya amanye amabutho amangisi ayekade eyosihlasela kwathi ngalena kwekamu azithela kuKhandampevu noMbonambi.
Lamabutho akithi awabulala amangisi. Impi yamangisi yangena ngaphambili kanti angena nje amangisi ayagijima angena kanye noZulu ekamu.
Izimpondo zombili zahlangana ngemuva kwekamu abasekamu bavalelwa ngaphakathi kwathi isifuba sempi yakwaZulu sawasukela,sesiwabhuqa siwabulala amabutho phakathi".
Oheee Sandlwana!