03/08/2023
๐ผ๐ฃ๐๐๐๐๐ ๐ ๐๐๐๐๐ ๐๐๐๐๐๐๐๐๐๐ ๐๐๐๐๐๐๐ ๐๐ฃ๐๐๐๐๐ ๐๐๐๐๐๐๐๐ข
zazingamaShumi amabili nanye kuNcwaba, ngehora lesine ekuseni lapho esaqaphela khona ukuthi akasovuka mzukulu unyoko, ngyazi kunzima mntanomtanami kepha kwasekufike iskhathi sakhe sokuthi endele kobab'omkhulu bakhe, uyophumula ezinhlungwini nasosizini mzukulu
Ngicela ungangizwa kabi mzukulu kepha uMamakho uphumulile bekukubi nawe umbonile indlela abeGula ngayo bekubonakala nje ukuthi sesibambe amashob'ehhobhe. Qina isibindi mzukulu besewamukela ukuthi sekuzoba noguquko empilweni akasobikho oyothi Mama kuye asabale, oyothi dade asabele kepha sesiyokhuluma naye aphendule ngezenzo ngoba seyoba yidlozi elihle nelizokhanyisa kuloMuzi wakoGcwabe.
Kuyethusa khona kodwa kufanele samukele mzukulu ngokuba yindlela yethu sonke lena, kumele sihlale sizilungiselele ngokuba asilazi ilanga esohamba ngalo๐คnangendlela esohamba ngayo asiyazi mzukulu, hambozilungiselela Mzukulu sihambe syombona la esambeka khona mhlambe uyoluxolisa usizi olusenhlizweni yakho.
!&